Bezimasha eThekwini izolo izitabane zilwela amalungelo azo

2017-06-25 14:51

Durban - "Noma bangasibulala kodwa ngeke basiqede. Nathi singabantwana bakaJehova," lawa ngamazwi abeshiwo yizitabane ezimashe zagcwala izitaladi enkabani yeTheku ngoMgqibelo, zilwela amalungelo azo.

Zikhala ngokubulawa nangokuhlukunyezwa emphakathini noma ngokuphathwa ngendlela engamukelekile. 

Le mashi eba minyaka yonke ebizwa ngokuthi yiDurban Gay Pride okungeyesithathu yenzeka iqale eGugu Dlamini Park, eWorkshop. Nonyaka bekumashwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Hands Off My Body! Hands Off My Right." 

Kulokhu inhloso yale mashi bekuwukukhumbula labo ababulawa emphakathini ngenxa yokuthi bayizitabane kanye nababulawa yingculaza. 

Abebeyingxenye yale mashi bathi bafuna uhulumeni abavikela, ikakhulukazi abantu besifazane kanye nezingane.

OLUNYE UDABA:Inhlangano yezitabane iziklomelisa uMalusi Gigaba

Omunye wabahleli bale mashi uNkz Nonhlanhla Mkhize unxuse uhulumeni ukuba ungenelele ekubulaweni kwezitabane. Uthi ukuba yisitabane akusona isifo kodwa yindlela abadalwe ngayo wumdali.

"Abantu abaningi basaba ngisho ukuphumela obala ngoba besaba ukubulawa emiphakathini esiphila kuyo. Sinxusa uhulumeni ukuba asivikele, sekwanele manje. Lokhu kubulawa kuzogcina sekuphenduka imfashini emphakathi uma singakunqandi. Sicela abantu basihloniphe kakhulu baphinde basivikele ngoba singabantu sonke," kusho uNkk Mkhize.

Bafuna ukuvikeleka kakhulu ezikoleni nasezindaweni abasebenza kuzo. Bathi futhi bazoyilwa impi yokucwaswa kwezingane ezikoleni ngenxa yobulili bazo.

UMpho Sengane (27) noNomagugu Moloi (22) okungamantomabazane ayizithandanai, abesuka eSoweto, eGoli, asebethandane iminyaka emine  bathe bayakujabulele kakhulu ukuba yingxenye yalo mcimbi, futhi bathi awubaphuthi lapha eThekwini.

Bebekhuluma baze babambane ngezandla, baqabulane bekhombisa uthando lwabo. Abakufihli ukuthi bafuna ukushada kodwa uma sebevumelene nemindeni yabo.

Kukhanyiswe ikhandlela ngenhloso yokukhumbula labo ababulawa ngesihluku ngenxa yokuphila impilo yobutabane, futhi kukhunjulwa asebashona bebulawa yingculaza. 



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.