Beziphethe nesibhamu sethoyizi iziboshwa ezibulawe ngaseGreytown

2018-04-11 18:02

EThekwini - Iziboshwa ezimbili kwezingu-16 ezeqe ejele laseGoli zidutshulwe zabulawa kwisigameko sokudubulana namaphoyisa kwaZulu-Natal.

USimphiwe Mhlongo okhulumela oKlebe kulesi sifundazwe uthi uthole umbiko mayelana neziboshwa ezimbili ezeqe ejele.

Uthi uphiko lweDurban Organised Crime Unit, the Durban K9 Unit kanye nophiko lwesifundazwe olusebenza ukuzingela izigebengu babone laba bobabili ku-R33 ngaseGreytown.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa uthisha phambi kwabafundi

"Amaphoyisa azamile ukuvimba laba basolwa kodwa bona bame bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

Amaphoyisa nawo aziphendulele ngenhlamvu ezivikela, nokuyilapho okudutshulwe khona laba basolwa bashona. Kutholakale i-9mm kanye nesibhamu sethoyizi kulaba basolwa,"kusho yena.

Umnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uthi ezinye iziboshwa ezingu-14 zisagcwele amathafa kodwa basebenza kanzima ukuzithungatha.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.