Bezwe sekumele behlukanise ukuthi ayisekho eyesitokfela

2016-12-15 11:37

Durban - Bagqemeke engeqiwa ntwala abesifazane baseNtshawini, KwaDukuza, ongwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal okulahleke u-R154 000 wabo wesitokfela kwasala u-R26 000 njengoba bebezimisele ngokuthi behlukanise ngeledlule, kubika ILANGA.

Labo mama abangu-40 batshelwe yilungu lesitokfela – imali ebigcinwe kulona – ukuthi kugasele izigebengu emzini walo ngoLwesithathu olwedlule ebusuku zathatha le mali.

Kuthiwa uThendile Shabalala – obephatha izimali – ubika imbiba nebuzi ngemali yesitokfela.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwadutshulwa omunye eNtshangwe

Ozakwabo bathi kwakhona nje ukuthi imali yebiwe bakuzwe ngoLwesihlanu sekuhlangenwe, sekumele babonisane ngokuzothengwa.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi likhona icala elivuliwe emaphoyiseni aKwaDukuza lokuqolwa kwemali kodwa kusaphenywa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.