Nairobi - Ibhungu laseKenya liphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuzishumpula "induku" ngoba efuna ukuphila impilo eqotho, lokhu kungokusho kwamaphoyisa aseKenya.
UTimothy Ofwaya, 18, waseNavakholo wazishumpula ubuntu bakhe ngoba babumphazamisa.
Ngemuva kokuzishumpula ubuntu bakhe, "induku" yacoshwa yinkuhku yayidla.
OLUNYE UDABA: Uzobekwa amanye amacala osolwa ngokubulala intombi
U-Ofwaya uphuthunyiswe esibhedlela iBushiri Health Centre lapho alashwe khona. UJoel Kuyo ongudokotela kulesi sibhedlela uthe wenze ingxenye yokuqala yokulapha leli bhungu.
U-Ofwaya udluliselwe esibhedlela iKakamega County General la azoqhubeka khona alashwe. Leli bhungu lizobhekwa ngodokotela ngaso sonke isikhathi njengoba kusatshwa ukuthi angase azilimaze.
"Ubuntu bami babungikhathaza, yingakho ngibushumpulile," kusho u-Ofwaya etshela odokotela. Wayekholwa wukuthi ubuntu bakhe obebumenza ukuba abantu besifazane bangamufuni.
U-Ofwaya uthe usebenzise i-razor ukuzishumpula induku yakhe. Ukuthi iphelele kuphi inkukhu edle ubuntu bakhe akwaziwa, kubika i-Worldwideweirdnews.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze
uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter