Buhlale obala ubugebengu kuginqika imoto - Port Shepstone

2016-12-01 18:02

Durban - Imoto ephaphalaze yayoginikela ngale komgwaqo eduze kwaseScottburg sekuveze imfihlo ebingalindelekile.

Ngokusho kwamaphoyisa asePort Shepstone le moto ibibaleka isuka endaweni lapho kugetshengwe khona ibhizinisi.

Amaphoyisa abizelwe kwinxanxathela yezitolo eShelly Beach lapho kugetshengwe khona ibhizinisi ngoLwesithathu ekuseni.

Kuthiwa iqoqo lamadoda asebenzise isando ukuphahlaza umyango walesi sitolo wengilazi, kubika i-Daily News.

OLUNYE UDABA:Zicishe zaduna imoto yeSilo izigebengu eShowe

Amaphoyisa abizwe onogada abezwe umsindo wokuphuka kwengilazi esitolo esidayisa omakhalekhukhwini.

Onogada batshele amaphoyisa ukuthi izigebengy zibaleke ngezimoto ezisetshenziselwa ukudonsa izimoto ezilimele emgwaqeni.

"Amaphoyisa ayalelwe ukuba aqaphele izimoto ezihamba ngesivinini esikhulu ku-N2 zilibangise enyakathi.

"Amaphoyisa afike ekhoneni laseDududu alpho abathole khona iGolf emhlophe iginqikile,"kubika uNqobile Gwala okhulumela amaphoyisa.

"Yize bekungekho muntu kule moto, amaphoyisa athole i-AK47, u-ova wamaphoyisa, okokuzivala ubuso kanue nezinto zokugqekeza kule moto.

Kuvulwe icala lokuphangwa kwebhizinisi esiteshini sasePort Shepstone kanti uphenyo lusaqhubeka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.