BUKA: Abagibeli abathukuthele bashise izitimela, batapa ezitolo

2017-06-13 14:00

Cape Town – Izitimela ezimbili zishiswe zangqongqa kwaphinde kwatatshwa nezitolo esiteshini sesitimela saseKapa ngoMsombuluko ebusuku, ngesikhathi abagibeli bevuka umbhejazane becasulwa ukulinda izitimela isikhathi eside.

“Izitimela ezimbili ziyasha. Okwamanje abekho abasalimele,” kusho okhulumela uMnyango wezemiLilo kanye nokuTakula eKapa, uTheo Layne.

Amaphoyisa abesendaweni yesigameko ezama ukuphebeza ababhikishi ngenkathi abacimimlilo bematasa nokubhula umlilo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kushiswe isiteshi samaphoyisa nezimoto kuqubuka udlame eLimpopo

Uthe isiteshi sesitimela asizange sokheleke ngomlilo, njengoba abanye abantu bebhale kanjalo kuTwitter.

Isixakaxaka siqale ngezikhathi zakusihlwa, nalapho abagibeli bethukuthele bagana unwabu becasulwa ukulinda isikhathi eside, nokuyinto uMetrorail athi idalwe ukusindelwa kohlelo lukagesi.

“Amakhulu amakhasimende athukuthele ahlanganele eCape Town Station futhi ezinye izitolo zilinyaziwe kwaphinde kwatatshwa kuzo,” kusho okhulumela iMetrorail, uRiana Scott.

IMenenja yesiFunda yakwaMetrorail uRichard Walker uxolisile kubagibeli, kodwa wagxeka labo abadale umonakalo.

Uthi nakuba bekuqonda ukuthi abagibeli bebethukuthele kodwa akukho okuphazamiseka okuvumela ukuziphatha ngalolu hlobo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.