BUKA: Abalandeli bahlasele abadlali kuhlulwa yiqembu ngo-6-1

2017-03-10 11:01

Cape Town – Iqembu lebhola laseFrance selikuqinisekisile ukuthi abalandeli ababethukuthele beveva bavimbezele abadlali ngemuva kokubhaxatshulwa yiBarcelona emdlalweni weChampions League.

Leli qembu laseFrance lisazikhotha amanxeba ngalokho osekuchazwe ngabaningi njengokuphenduka kwamatafula okukhulu emlandweni womqhudelwano weChampions League ngemuva kokuthi iBarcelona iphendule amatafula kade ilandela emuva ngo-4-0 ngemuva komlenze wokuqala, ngoLwesithathu kusihlwa.

Kodwa-ke izinto ziphenduke zaba muncu kuPSG sekudlalwa umlenze wesibili njengoba iBarcelona igcine isiwina ngo-6-1, nokwenze imphumela wamagoli esewonke kube ngu-6-5 uma sekubalwa nomdlalo womlenze wokuqala.

OLUNYE UDABA: BUKA: Umlingisi odumile elwa esikhumulweni sezindiza

I-PSG isikunisekisile ukuthi abalandeli bebhola abebedinwe beveva bevimbezele laba badlali ‘ngendlela enokudlubulundela futhi egcwele enkulu intukuthelo’.

Kulesi sigameko kuchashwe ngenhlamba abadlali, kwacekelwa phansi izimoto, kanti omunye umuntu ushayiswe yimoto nokuyisigameko esesiphenywa amaphoyisa.

“NgoLwesithathu kusihlwa, ngesikhathi bebuya eBarcelona, abadlali beParis St Germain bavinjezelwe baphinde basatshiswa abantu abahlukene abaningi eBourget Airport, phezu kokuthi ikilabhu kanye neziphathimandla bebeziqinisile ezokuphepha,” kusho i-PSG esitatimendeni.

“Laba bantu bachaphe ngenhlamba abadlali ngaphambi kokuba bacekele phansi izimoto zabo. Izimoto eziningi zilimele.”

Kudingeke ukuthi izimoto zihambe zigadiwe ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabo, imindeni yabo kanye nabasebenzi.

Leli qembu selizigxekile lezi zenzo kanti uphenyo lwamaphoyisa kuthiwa luyaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.