BUKA: Abukeka kanje amaphaphu omuntu obhemayo

2017-07-31 16:01

(ISEXWAYISO: Izithombe eziqukethwe kulolu daba zingabaphatha kabi abanye.)

Cape Town – Sonke siyazi ukuthi kunokuhlobana phakathi kokubhema ne-asthma, kodwa bancane kakhulu abantu abakuqondayo ukuthi ungakanani umonakalo ongadalwa ukubhema emaphashini akho.

Ngisho nokuhogela intuthu edalwa ukubheka komunye umuntu, ngisho wena ungabhemi, kungakudalela umonakalo omkhulu esikhathini esizayo.

Ngokusho kwenhlangano eyenza ucwaningo, i-Asthma UK, bangu-82% abantu abane-asthma abathi ugwayi uyabahlukumeza kakhulu. Laba baba nenkinga emaphashini, nokwenza bangakwazi ukuphefumula kahle.

Ukubhema akudali nje kuphela umonakalo emaphashini, kodwa kungadala izimpawu ze-asthma, okukanye uhlaselwe yi-asthma.

Zibonele ukuthi ubukeka kanjani umonakalo odalwa ukubhema ngezansi:

(ISEXWAYISO: Izithombe eziqukethwe kulolu daba zingabaphatha kabi abanye.)

Ngasesandleni sokunxele iphaphu elijwayelekile neliphile kahle kanti ngasesandleni sokudla yiphaphu eselikhahlanyezwe ukubhema.

lung, smoke, asthma                                                      Isithombe: iStock

Uma ngabe amaphaphau esedlavazwe ukubhema kuba nzima ukuthi adlulise umoya ohlanzekile (oxygen) emzimbeni. Amakhemikhali kagwayi avala izimbombo zamaphaphu.

La makhemikhali enza nokuthi amaphaphu angabe esakwazi ukwenza umsebenzi wawo wokulwa nokungcola kanye namanye amagciwane nokwenza ukuthi amagciwane ande.

Amaphaphu omuntu aphile kahle aba nombala o-pink kanti amaphaphu omuntu obhemayo wona aba mnyamana okwelahle ngenxa yoketshezi olumnyama oludalwa ukubhema.

lung, smoke, x-ray                                                         Isithombe: iStock

Ucwaningo olwenziwa yi-Why Quit, luthi umuntu angakwazi ukubuyisela esimweni amaphaphu akhe uma ngabe eyeka ukubhema, kodwa lokho kungathatha isikhathi eside, kuncike ekutheni wena usunesikhathi esingakanani ubhema.

lung, smoke, x-ray

                                                           Isithombe: Wikipedia

Usuku lokuqala ngemuva kokuyeka ukubhema: Izinga le-oxygen emzimbeni wakho likhula lifinyelele esikalweni esijwayelekile. Izinga lomoya ongcolile (Carbon monoxide) liyehla lifinyelele ezingeni elijwayelekile.

Inyanga yokuqala ngemuva kokuyeka ukubhema: Amaphaphu akho akwazi ukuhambisa kahle i-oxygen kanti nokwethuka noma ukungaphatheki kahle ngenxa yokuthi uyeke ukubhema kufanele kube sekuphelile.

Unyaka wokuqala ngemuva kokuyeka ukubhema: Ubungozi bakho bokuba nezifo eziphathelene nenhliziyo, ukuhlaselwa yisifo senhliziyo kanye nesifo sohlangothi (stroke) sekwehle ngaphezu kukahhafu okunalokho komuntu obhemayo.

Iminyaka eyishumi yokuqala ngemuva kokuyeka ukubhema: Ubungozi bakho bokuba nomdlavuza wamaphaphu, owomlomo, owomphimbo kanye nowezinso buyehla kakhulu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.