BUKA: Amasosha ashaye aze ahudula phansi okhubazikile

2017-02-10 14:02

Lagos – I-video ekhombisa amasosha aseNigeria eshaya ngesihluku owesilisa okhubazekile eNingizimu nedolobha lase-Onitsha, e-Anambra State, isisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Le video ikhombisa amasosha amabili edonsa owesilisa ongakwazi ukuhamba esihlalweni sakhe samasondo ngaphambi kokuba bamunenebule ngenduku.

Umbiko weBBC udalule ukuthi lo wesilisa ushaywe ngoba esolwa ngokugqoka umfanekiso wamasosha.

OLUNYE UDABA: BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

Esitatimendeni, umbutho wezempi eNigeria uthe lama sosha amabili abonakala kule video aseboshiwe.

Ukuboshwa kwabo kuthiwa kuhambisana “nokungavunyelwa kwezenzo zokungaziphathi kahle, ukungaziphathi ngendlela eyamukelekile kanye nokwephulwa kwamalungelo abantu.”

Lesi “sigameko esimbi” senzeke ngomhlaka-7 kuFebhuwari.

Kwenye i-video eyafakwa kuYou Tube ngasekuqaleni konyaka owedlule, kubonakala isosha lesifazane livulela isibhaxu kowesilisa okusolwa ukuthi wazonela ngokuthi athi “muhle”.

Lo wesilisa elingatholakalanga igama lakhe wayekakwe amasosha esifazane okungenani amathathu ngesikhathi eshaywa ngezimpama yileli sosha lesifazane.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.