BUKA: Antshontshwe ngemizuzu engu-3 amabhayisikili abiza u-R1.2m

2017-02-15 11:02

Johannesburg – Ukugqekezwa izikhathi ezimbili esikhathini esiyinyanga sekulahlekisele isitolo samabhayisikili esizinze eBryanston, eGoli, iComplete Cyclist, imali elinganiselwa ku-R3.1 million.

Esigamekweni sakamuva, phakathi kwamabili ngobusuku bangomhlaka-7 kuFebhuwari, kuntshontshwe inqwaba yamabhayisikila ahamba emgwaqeni kanye nasezintabeni kanye nezibuko ezingu-30 zohlobo lwe-Oakley.

La mabhayisekili ebiwe ahlanganisa izinhlobo ezahlukene, nokubalwa kuzo iSpecialized, iWilier, iPivot, kanye neSilverback.

OLUNYE UDABA: Buka: Ngabe wayebukhile yini uNgqongqoshe kwi-SONA?

Ivideo yeCCTV ikhombisa inqwaba yezimoto ima eduze kwalesi sitolo ngokushesha.

OyiMenenja yegatsha lalesi sitolo, uJames Barnes, uthi izigebengu zingene ngaphakathi esitolo ngokuthi zibhodloze iwindi elingaphambili zaphinde zaphonsa nezimbokodo egilasini ukuze zilibulale.

Akuthathanga mizuzu emingakanani ngaphambi kokuthi amabhayisekili alayishwe ezimotweni.

Akucaci ukuthi bangaki abantu abebebandakanyeka.

Kumabhayisekili angu-18 ebiwe, angu-6 abuye atholakala, kodwa abesenomonakalo omkhulu. Umonakalo walokhu kugqekeza ulinganiselwa ku-R1.2m.

Zibonele i-video yalesi sigameko lapha:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.