BUKA: Basinde ngokulambisa abashayeli bezimoto ezishiswe eSandton

2017-09-08 11:00

Durban -  NgoLwesine ebusuku, amaphoyisa aphuthume endaweni yaseSandton lapho kushiswe khona izimoto ezimbili zabashayeli be-Uber kanye ne-Taxify.

Lezi zimoto zishiswe ngasesiteshini sesitimela iGautrain kanti ngenhlanhla abashayeli basindile kulesi sigameko.

Ngemuva kwalokhu, abashayeli be-Uber nabo baziphindisele behamba emigwaqeni yaleli dolobha behlasela izimoto ezingama-metred taxi ezihamba kule ndawo.

Ngesikhathi benza lokhu, bashise imoto eyodwa yalolu hlobo, ngenhlanhla nakulesi sehlakalo akazange alimale umshayeli.

OLUNYE UDABA:Kugcine kumenele umshayeli we-Uber owashiswa

Amaphoyisa afike kule ndawo ngoLwesine ebusuku ngemizamo yokulawula isimo.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kanti amaphoyisa anxusa umphakathi kanye nalabo abazibonele ngokwabo kwenzeka lokhu ukuba basondele nolwazi olungaba wusizo.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Mavela Masondo uthe la bashayeli ababili baphume bengenamyocu kulesi siogameko.

 Nakhu okwenzekile.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.