BUKA: I-video eshaqisayo yesigameko sokuzama ukuduna

2017-08-14 16:01

Johannesburg – Owesifazane waseGoli usabelane nge-video eshaqisayo ye-CCTV yabalisa abathathu abebezama ukumduna imoto enomyeni wakhe ngemuva nje kancane kokubuyela ekhaya labo. 

U-Anelle Hills, waseMidrand, eGauteng, ufake umfanekiso kuFacebook wamadoda amathathu abehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benz C-Class esagolide eshayela esondela endaweni okungena kuyo izimoto yalezi zithandani emizamweni yokuzibabamba imoto yazo yohlobo lweRange Rover.

U-Anelle kanye nomyeni wakhe uRoger bafike ekhaya ngemuva nje kancane kuka-13:21 emini. Uyabonakala ephuma kancane emotweni kodwa wabe esebona ngokushesha la madoda asolisayo esondela kubona ngemoto maqede apaka endaweni okungena kuyo izimoto, eduze nje nale moto yabo. 

OLUNYE UDABA: Buka: Kudingeke 20 wamadoda kwehliswa ibhokisi likaTsekeleke

Amadoda abegibele ngaphambili kanye nangemuva kwiMercedes abe esephuma ngokushesha emotweni aya egijima emotweni yalezi zithandani – nalapho umuntu oyedwa ebephethe isibhamu ngesandla. 

U-Anelle ube esebuyela emotweni ngokushesha ethukile nalapho umyeni wakhe ebe esefaka igiya eliya emuva ngesikhulu isivinini – nalapho ecishe washayisa khona omunye wabasolwa. 

“Ukucabanga ngokushesha kukaRoger kusenze saphunyula ngokushesha futhi ngokuphepha!” u-Anelle usho kanjalo embhalweni awufake kuFacebook. 

Abasolwa babe sebegijima bangena kwiMercedes nalapho umshayeli wayo ebe esesuka ngesivinini esikhulu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.