BUKA: Ibhanoyi liphahlazeke emfuleni kubuka abantu

2017-01-27 11:31

Sydney – Sekushone abantu ababili ngemuva kokuthi ibhanoyi elilula liye laphahlazeka ngekhala emfuleni kubuka izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu abehambele umgubho eNtshonalanga ne-Australia. kanti kwale kancane ukuthi liphahlazekele phezu kwezikebhe kanye nezihlwele.

Ngokwe-video ebonakala ifakwe ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala leli bhanoyi lohlobo lweGrumman G-73 Mallard, nokuyibhanoyi elakhelwe ukusukela noma ukuhlala olwandle, lisePerth ngoLwesine ntambama, liyingxenye yemigubho ye-Australia Day ngaphambi kokuba liphahlazeke.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwaphahlazeka elinye ibhanoyi

Amaphoyisa ase-Australia athi umshayeli wamabhanoyi “onesipiliyoni esikhulu, uPeter Lynch, 52, kanye nomgibeli wase-Indonesia obekanye no-Endah Cakrawati, kanye nobebambisene naye, oneminyaka engu-30 ubudala, bashone kule ngozi.

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa e-Australia, uStephen Brown, uthi babonga uNkulunkulu ngokuthi leli bhanoyi liwele emanzini.

Buka i-video ngezansi:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.