BUKA: Ibhasi libhajwe emgodini omkhulu

2017-02-06 13:00

Harare – Imigodi yodumo emigwaqeni yaseZimbabwe isine-account yayo enkundleni yezokuxhuma, iTwitter.

I-account, i-@Zimpotholes ayikadumi kangakho njengoba isenabalandeli abangu-58 nje kuphela ngemuva kokuthi iqalwe ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Kungani kumele ngife uma uNkulunkulu engakangibizi? – Mugabe

Izimvula ezinamandla sezenze ukuthi le migodi esemigwaqeni ivuleke kakhulu kwenzinye izingxenye zezwe. Ngempelasonto eyedlule, kufakwe i-video enkundleni yezokuxhumana iYouTube, nekhombisa ibhasi libhajwe emgodini omkhulu kwelinye lamalokishi amadala aseHarare, iMbare.

Imigodi esemigwaqeni yaseHarare yahlonzwa njengeyisimo senhlekelele nguMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, ekupheleni kukaJanuwari.

Umgwaqo oya esithabathabeni somuzi kaMugabe walungiswa ngokushesha ngaphambi kokuba afike ekhaya evela eholidini elathatha inyanga yonke. Lokhu kwadala ukuthi kube nezikhalo ngokungabibikho kobulungiswa.

Zibonele i-video ngezansi:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.