BUKA: Ifoni entsha sha yakwa-KFC ‘econsisa amathe’

2017-07-18 14:01

Johannesburg – Isitolo esiyintandokazi emhlabeni wonke nesidume ngokudayisa inkukhu ethosiwe, u-KFC, usewethule ama-smartphone ayisibalo esikaliwe (limited edition) nashaya ngobuchwepheshe bokusebenzisa umunwe uma ngabe uwavula (fingerprint scanner).

Lo makhalekhukhwini, ogqize ngombala obomvu u-KFC odume ngawo, wakhiwe ngokuhlanganyela nenkampani eyakha omakhalekhukhwini, iHuawei, kanti uzodayiswa kuphela eChina.

I-fingerprint scanner engajwayelekile yale foni ibekwe ngemuva, ngaphezudlwana nje kancane kwekhanda lodumo "lwekhehla eligqoke izibuko" eliwuphawu luka-KFC. Lo mlisa ogqoke izibuko ngu-Colonel Harland David Sanders kanti nguyena owasungula lezi zitolo esiyintandokazi zakwa-KFC. Kodwa-ke u-KFC awuzange ukudalule ukuthi i-fingerprint scanner yale foni izosebenza yini uma ngabe iminwe isigcwele amafutha amakhasimende esezitika.

Bangu-5 000 nje kuphela omakhalekhukhwini abazokhishwa kuleliya lizwe njengengxenye yokugubha kwale nkampani iminyaka engu-30 yasungulwa esitolo sayo sokuqala esiseChina.

OLUNYE UDABA:Kubatshazwa ubuhlakani befoni yeSony ezobiza ukuwedlula wonke kuleli

Isitayela sale foni sihambisana kakhulu no-KFC. Ngale nje kokuthi le foni ishaya ngombala ohambisana nalesi sitolo, kodwa iphinde ishaye nangophawu lwale nkampani, nokuyisithombe sakhe uColonel Saunders. Le foni ithi ayizishaye safoni ebomvu ye-iPhone 7.

Le foni yakwa-KFC eyi-Huawei Enjoy 7 Plus iyifoni eyenziwe kabusha sekushintshwe lapha nalaphaya kususelwa kwi-smartphone yale nkampani yaseChina eyakha amafoni, iHuawei Y7 Prime. Le foni ishaya ngo-5.5 inch we-screen kanti nezithombe zayo zinhle njengoba ishaya ngo-720x1280 pixel resolution. Iphinde ishaye nangekhamera engu-12 megapixel, i-RAM engu-3GB phakathi kokunye.

Le foni iphinde ishaye nangekhamera engu-8 megapixel engaphambili ukuze ukwazi ukuzithatha isithombe (selfie) uma ngabe usuzitika ngeqatha lakho lenkukhu ethosiwe.

Lo makhalekhukhwini uphinde ushaye nangesikhala esingu-32GB kanti uyakwazi ukusengeza ngokufaka i-microSD card enesikhala esingu-128GB.

I-Huawei Enjoy 7 Plus yakwa-KFC kulindeleke ukuthi ibize u-1 099 yuan (nokuyimali elinganiselwa ku-R2 112).

Zibonele isithombe kanye ne-video yale foni ekhethekile ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.