Buka: Imenenja ithela ngezimpama isisebenzi kwesokudlela

2017-08-08 15:59

Johannesburg - Sekuvele ivideo etshengisa indoda, okuthiwa iyimenenja, ishaya isisebenzi sasesitolo sokudlela i-oceans Basket Lakefield eBenoni.

Kule video, kubonakala indoda yebala elimhlophe ithela ngezimpama isisebenzi esimnyama. Isisulu sona sibonakala sibaleka kodwa sazithola sesivaleleke ekhoneni, sashaywa ngezinye izimpama nangedolo.

Le video isabalale enkundleni yezokuxhumana, iningi labantu linengekile ngesenzo sale menenja.

OLUNYE UDABA:Kuhlokoma izinkundla ngendoda yomlungu ehlasela owesimame omnyama eSpur

Isikhulu esiphezulu sase-Oceans Basket, uGrace Harding, siphawulile ngale video esabalele ezinkundleni zokuxhumana sathi: "Sibuhlungu futhi sishaqekile ngale video. Sesixhumene nabantu abavela kuyo kanye nabomthetho, lolu daba luyaphenywa."

Lesi sikhulu siphinde sagxeka ukuziphatha kwale menenja saphinde sathi uma sebenayo yonke imininingwane ngesigameko kuzothathwa izinyathelo. Bazoqinisekisa nokuthi bonke abathintekile ngesigameko bayalulekwa ngokomqondo.

Lesi sisebenzi sesibile nengxoxo nalesi sikhulu esiphezulu sathi sizoqhubeka nokusebenza ngaphansi kwenye imenenja.

 - IVIDEO:

 - The Citizen

 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.