Buka: Iqulu labantu lihlasela osolwa ngokweba ikhadi lomuntu kwi-ATM

2017-02-01 19:27

Johannesburg  - Abathengi abebedinwe begane unwabu bahlasele indoda esolwa ngokuzama ukwebela umuntu ikhadi lasebhange kwi-ATM eProtea Glen Gardens Mall, eSoweto, ngenyanga ephelile.

Ngesikhathi le ndoda igijima iyongena emotweni yayo, abantu bavele bavuka umbhejezana baphihliza iwindi langaphambili bayikhipha emotweni yayo.

Ivideo etshengisa isigameko isatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, iveza imoto yohlobo lwe-VW Polo iphendulwa, ilaliswa ngophanhla.Kuyo le video le ndoda ibonakala igcwele igazi ihlezi phansi eceleni kwemoto yayo eyavele yaphenduka isikorokoro.

Okhulumela amaphoyisa aseProtea Glen uSergeant Vincent Mashiteng uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko aphuthumisa le ndoda esibhedlela.

Le ndoda yaphuma esibhedlela ngosuku olulandelayo yavula icala lokucekelwa phansi kwempahla.

Isigameko senzeka ngomhlaka-22 Januwari, kuyiSonto.

Le ndoda itshele amaphoyisa ukuthi le moto yayiyiqashile.

Bekungakaboshwa muntu.

IVIDEO:

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.