BUKA: Isisebenzi sasekhaya sivulele umqashi icala lokushaya

2018-04-28 11:23

eGoli -  Isesbenzi sasekhaya eGoli sivulele umqashi icala lokushaya.

USiyamthanda Dube ubekhala mi izinyembezi ngesikhathi ebikela abakwa-eNCA ngokwenzeka mhla ehlaselwa wumqashi wakhe.

UDube uthi wayeyisisebenzi emzini kaKobus De Klerk futhi sehlala khona emsebenzini.

Uthi ngelinye ilanga ingane yakhe yayigula, waphoqeleka ukuba aphuthume ekhemisi ukuyoyithengela imishanguzo.

Uthi iphutha lakhe kwaba ngukuhamba engabikelanga umphathi wakhe njengoba engavumelekanga ukuhamba uma izingane zomqashi seziqalile ukubhala izivivinyo.

OLUNYE UDABA:Ingane idubule ngephutha umama wayo ngesibhamu sikayise

Wazama ukuxolisa kumqashi wakhe esebuya, kodwa wavele wamgxavuna wamjikijela phansi kwaze kwakhuza indodakazi yakhe.

Uthi waphuthunyiswa esibhedlela, esebuya, umqashi wakhe wamkhomba indlela.

UDube wavulela umqashi wakhe icala kwa-CCMA futhi wanqoba, icala lokushaya lona lisaqhubeka enkantolo.

Ekhuluma nabe-eNCA uDe Klerk uziphikile izinsolo zokushaya uDube.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.