BUKA: Izigebengu zigasela esitolo sobucwebe eHillcrest eThekwini

2017-08-03 07:03

Durban -Ziyanda izigameko zokugetshengwa kwezitolo zobucwebe KwaZulu-Natal kanti nabanikazi bezitolo bayanxuswa ukuba bazame ukuqinisa ezokuphepha.

Kule video kubonakala izigebengu ezimbili zingena esitolo sengathi zizothenga, kuthi kusenjalo kuqhamuke esinye sidudule unogada siphethe isibhamu.

Kube sekungena nezinye izigebengu zizithathela ubucwebe obukhangiswe kulesi sitolo.

Lokhu kwenzeke ngokushesha kanti futhi akekho olimalile kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kugwilize ababili bethungatha ubucwebe emapayipini eThekwini

Kwesinye isigameko, kugetshengwe isitolo sobucwebe iBrowns Jewelers ngoLwesibili, eCradlestone.

Abasolwa bavulele ngenhlamvu bedudulana nonogada ngesikhathi bebaleka.

Abanikazi bezitolo kanye nabaphathi benxanxathela banxuswa ukuba baqinise ezokuphepha phakathi ezitolo kanye nalapho okupakwa khona izimoto.

<
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.