BUKA: Izinkampani ezihamba phambili ngohlelo lokuqasha izifundiswa

2017-07-24 12:34

Cape Town - IMedia24 iwine indondo ye­-2017 SA Graduate Employers Association (SAGEA) award ngokuba yinkampani yezokuxhumana (media company) enohlelo oluhamba phambili lokuqashwa kwezifundiswa.

IMedia24 isiwine le ndondo izikhathi ezinhlanu eminyakeni eyisithupha edlule. Ezinye izinkampani ebezilandela iMedia24 kube yiSABC kanye neMultiChoice, babaphume isibili kanye nesithathu.

Ama-SAGEA Employer Awards agubha ukuzuza kwabaqashi abahamba phambili eNingizimu Afrika. Abantu abaphumelele ukuthola imisebenzi ngemuva kokufuna imisebenzi ezinkampanini eziqasha izifundiswa yibona abaqoka ngokuphelele izinkampani eziwinayo, ngokusho kwe-SAGEA. Kwinhlolovo eyenziwe ngonyaka ka-2017 bangu-1 969 abantu ababambe iqhaza.

OLUNYE UDABA:Sichithiwe isikhalo sikaMTN ngesikhangiso saVodacom esithi yiwona ohamba phambili

Umuntu ngamunye obambe iqhaza ucelwe ukuba asho izinkampani ezimbili abona ukuthi yizona ezinohlelo oluhle lokuqasha izifundiswa emikhakheni ethize noma ezimboneni ezithize anokujwayelana nazo. Belungekho uhlu lwezinkampani okhetha kuzona – izimpendulo zabo bezingaphekiwe. Lokhu kwenzelwe ukuthi kungabikhona ukwakheka kwemibono ethile ngabaqashi abathile labo abebebambe iqhaza abebengabayamanisa nezimboni ezithile.

Umqashi (inkampani) ohamba phambili kanye nezinkampani ezimbili ebezilandela (eziphume isibili nesithathu) ziqoshwe emikhakheni engu-24 eyehlukene nokube yiwona mongo wama-Graduate Employers of Choice 2017.

Emkhakheni we-accounting, iPwC izidlele amahlanga, kwathi iKPMG kanye neDeloitte baphuma isibili kanye nesithathu.

Elinye lamabhange amakhulu kuleli, uStandard Bank, uzidlele amahlanga emkhakheni weCommercial and Retail Banking, walandelwa uFirst National Bank kanye noNedbank.

Izinkampani ezintathu ziphume phambili ezimbonini ezimbili ezehlukene: uSasol uthole amavoti amaningi emkhakheni we-chemical kanye ne-pharmaceutical kanye nezobunjiniyela noma i-industrial sectors; i-Unilever izidlele amahlanga emkhakheni we-FMCG kanye ne-manufacturing; kanti uDiscovery wona izigwazele ibhece emkhakheni wezempilo kanye nemishwalense.

* IFin24 neZindaba24 bayingxenye yeMedia24. 

Zibonele lezi zinkampani eziqwaqwade ezinye emakhanda ngokwehlukana kwazo ngezansi: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.