BUKA: Izitshudeni zase-WSU zisabise ngokushaya 'umfundi ka-R14m'

2017-09-05 16:00

Johannesburg - Inqwaba yezitshudeni zasenyuvesi iWalter Sisulu University (WSU) ngoMsombuluko zihlanganyele endaweni lapho ebeziyolalela khona uSibongile Mani esithangameni sabezindaba .

Kodwa iPan Africanist Student Movement of Azania (Pasma) itshele abezindaba ukuthi uMani akakakulungeli ukukhuluma emphakathini.

Iningi lezitshudeni livele ladinwa lavuka umbhejezana kwadaleka isiphithiphithi zisabisa uMani ngokumhlasela.

Ezinye zalezi zitshudeni bezilokhu zithi "Khokha imali! Sifuna imali yethu!".

Lesi sitshudeni, saba ngundabamlonyeni ngemuva kwezinsolo zokubhubhudla imali engaphezu kuka-R800 000 emalini engu-R14 million esafakelwa yona ngephutha ivela ku-NSFAS.

UMani uphelezelwe ngamaphoyisa esehamba e-East London ngoMsombuluko ebusuku.

Izitshudeni zimise yonke into, kwanesiminyaminya emgwaqeni uBuffalo naku-Oxford Street.

Umholi wePasma ophinde abeyisishoshovu, uVusi Mahlangu, utshele abezindaba ukuthi uMani akakakulungeli ukukhuluma nomphakathi ngalolu daba.

- VIDEO:

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.