Buka: Kubambana iphoyisa nomshayeli 'ngamawashingi'

2018-03-07 07:32

Pretoria - Sekubonakale ivideo enkundleni yezokuxhumana i-Facebook, etshengisa iphoyisa lomgwaqo lilwisana nomshayeli wemoto.

Kule video efakwe nguTebogo F Machetele ku-Facebook, kubonakala amaphoyisa amabili omgwaqo eGauteng ezama ukubopha umshayeli. Elinye iphoyisa libonakala liphezu kwalo mshayeli kanti elinye lizama ukubahlukanisa.

Lesi sigameko senzeke kuSolomon Mahlangu Drive ePitoli.

Okhulumela amaphoyisa ePitoli uBusapi Nxumalo utshele iphephabhuku iDrum ukuthi leli phoyisa belizama ukubopha umshayeli ngesikhathi lihlaselwa.

"Iphoyisa lithe limise le moto eceleni labona izinkinga eziningi emotweni, labe selibhaleli umshayeli amathikithi."

"Imoto ibingakufanele ukuba ihambe emgwaqeni kanti ngesikhathi isiseshwa imoto kutholakale umthunzi wezinkukhu," usho njalo echaza.

La maphoyisa kusolwa ukuthi abe esetshela lo mshayeli ukuthi ayamubopha, wabe eseqonda emotweni yamaphoyisa wakhipha izikhiye emotweni.

"Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuphuca lo mshayeli izikhiye, uvele wahlasela elinye la maphoyisa kwabe sekuqubuka enkulu ingxabano," usho njalo etshela abephephabhuku.

Ngokusho kukaNxumalo, umshayeli uthweswe icala lokuhlasela iphoyisa, ukunqaba ukuboshwa nokutholakala nensangu.

Le video isibukwe abantu abangaphezu kwabangu-150 000 ku-Faccebook.

 - IVIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.