BUKA: Kube umazitapele kugingqika iloli lezincwadi

2017-09-29 18:00

Ladysmith - Izakhamuzi zaseZakheni KwaZulu-Natal zizitapele impahla elolini ngoLwesihlanu ekuseni kulandela ingozi, kubika iLadysmith Gazette.

Iloli ibiphuma eZakheni ilibangise eLadysmith ngesikhathi yehlelwa yingozi.

Kusolwa ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula iloli. Iloli igingqike kwachitheka izincwadi, amapeni nokunye njengoba ibiphethe izinto zokubhala nokubhalela abafundi, yavala umgwaqo wonke.

Imibiko iveza ukuthi inqwaba yabantu ithathe okuthathekayo kuleli loli ebelilele ngohlangothi emgwaqeni.

Amadoda amathathu abeselolini ngaleso sikhathi alashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela eyoqhubeka nokwelashwa. 

Amaphoyisa nabezokuphepha nabo bebekhona endaweni yesigameko.

Umgwaqo ube usuvalwa.

 - IVIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.