BUKA: Kuboshwe 'inkunzi yomgulukudu' echoma ngobugebengu ezinkundleni zokuxhumana

2017-09-14 13:59

Johannesburg - Kuphele ukuba ngunontandakubukwa esigebengwini esidume ezinkundleni zokuxhumana ngokubukisa ngempilo yaso.

USammy Morake Morote, odume ngelika-Team Volt SA, ubephila impilo yobukhazikhazi, impilo yakhe ihaleleka.

Ubehlale efaka izithombe nama-video ezinkundleni zokuxhumana ephethe izishaqane zemali kanye nezibhamu.

Konke lokhu kushabalale kuhle kwamazolo ebona ilanga ngesikhathi ebanjwa amaphoyisa ekhaya lakhe elisePretoria West.

Ufakazi ohlala e-Atteridgeville ocele ukuba igama lakhe ligodwe, utshele abezindaba ukuthi uMorote ubenza izinto zenzeke uma kunemicimbi futhi ubethanda kakhulu ukubukwa, eluthanda nodumo.

“Uthanda ukwenza imicimbi e-Atteridgeville, edolobheni ePitoli naseMamelodi, futhi bekucaca ezindaweni eziningi uma sekufike yena.

OLUNYE UDABA:Kuzokwenziwa uphenyo ngokubulawa kukaChillies

“UMorote wayethanda ukuthenga utshwala obubizayo ukuze athole udumo,” kusho lo mthombo.

Lo mlisa uqhubeke wathi u-Team Volt SA ubethanda ukuhamba nenqwaba yabantu belandelana ngezimoto zikanokusho.

Lo msolwa kuthiwa unamaloli ambalwa kanye ne-scrapyard.

Umbiko wokubanjwa kwakhe ukhishwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi ukuchoma kwakhe nokuthanda kwakhe ukubukwa yikona okwenze kwabalula ukuba abanjwe.

Amaphoyisa athi uMorote utholakale nesibhamu sohlobo lwe-Z88 kanye nemoto yohlobolo lweMercedes-Benz okubonakale kwamanye ama-video akhe asesabalele ezinkundleni zokuxhumana, kubika i-IOL.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.