Buka: Kudingeke 20 wamadoda kwehliswa ibhokisi likaTsekeleke

2017-08-14 14:02

Johannesburg - Ayikwazanga ukwehlisa ibhokisi lomngcwabo likaTsekeleke imishini, kwadingeka ukuthi amadoda angu-20 alekelele emathuneni.

Kuthathe imizuzu engu-12 ukuthi la madoda  enze lo msebenzi.

Wonke umuntu ubazi ukuthi u-Anthony "Tsekeleke"" Motaung ubeyindoda eyondleke kakhulu.

Kodwa lesi sihlabani somculo weKwaito, esifihlwe ngoMgqobelo, besiwumculi onomdlandla ngaphambi kokuba sixinwe wukugula.

OLUNYE UDABA:'UTsekeleke ubengumuntu wabantu'

Lesi sihlabani seculo elithi Fatty Boom Boom sifihlwe emathuneni iMooifontein Heroes Acre ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo yomngcwabo eyayiseCathedral International Church, eTembisa, eKurhuleni.

Ngesikhathi sekuyisikhathi sokwehlisa ibhokisi lakhe lomngcwabo, kudingeke ukuthi amanye amadoda angene phakathi ethunen ukuze ezokwazi ukulamukela kahle ngesikhathi lawo abengaphandle elehlisa.

"Lala ngokuthula, Tsekeleke," kusho la madoda ngemuva kokwehlisa ibhokisi.

Bonke abantu bebevumelana ngokuthi uTsekeleke ubeyindoda emadoneni.

Umndeni wakhe ubizelwe phambili ukuze uyothela umhlabathi phezu kwebhokisi lakhe ngaphambi kokuba ligqitshwe.

Izihlobo, abangani, omakhelwane, izikhulu zikahulumeni nosaziwayo abambalwa abahambele umngcwabo kaTsekeleke bamchaze njengomuntu onothando.

Inkakha yomculo weKwaito u-Eugene Mthethwa wodumo lweTrompies, uthe: "Ngiyohlezi ngimkhumbula ngenxa yenhliziyo yakhe enhle."

UMphrofethi uPaseka "Mboro" Motsoaneng ubephethe inkonzo njengoba uTsekeleke ubesekhonza ebandleni lakhe ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.

Bekukhona nenqwaba yamalungu eqembu lezepolitiki, i-EFF njengoba uTsekeleke ehambe emhlabeni eseyilungu lalo.

UTsekeleke ushonele esibhedlela iVosloorus ngoLwesibili olwedlule ngenxa yesifo sikashukela.

 - VIDEO:

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.