BUKA: Kugwazwe kwabulawa umfundi kuliwa esikoleni

2017-08-22 07:01

Johannesburg - Kugwazwe umfundi owenza uGrade 10 esikoleni iSir Pierre Van Ryneveld High kwathi omunye umfundi wasesikoleni iPanorama waquleka ngemuva kokulwa eKempton Park, e-East Rand, ngoLwesihlanu.

Kukholakala ukuthi lo mfana wasePanorama ushayiswe yimoto ezama ukubalekela abafundi baseSir Pierre ngesikhathi bemujaha.

Abosizo lokuqala namaphoyisa baphuthume endaweni yesigameko, kuCommission Street kulandela impi ebiphakathi kwabafundi balezi zikole.

Umfundi waseSir Pierre Van Ryneveld ekhuluma nabezindaba iKempton Express, uthe kube nesiphithiphithi ngesikhathi kuqhubeka le mpi ngezithuba zabo-14:00 ngoLwesihlanu.

Abafundi babe sebeqopha ama-video, bathatha nezithombe, abanye abafundi abangamantombazane bona bebememeza bezama ukulamula. Abanye bebememeza bethi kuhlaselwa umfana okungesiye.

"Umfana owenza uGrade10 wasesikoleni, iSir Pierre, utshele umfowabo ofunda ePanorama ukuthi uhlushwa omunye umfana owenza esikoleni. Umfowabo ube esefika nabangani bakhe ngemuva kokuphuma kwesikole, base besabisa abafana abafunda eSir Pierre.

"Abazange baze bamushaye nokumshaya lo mfana okuthiwa nguye oyisiqhwaga," kusho lo mfundi.

 - IVIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.