BUKA: Kuhlokome iPhalamende uZuma ephendula uMaimane

2017-11-02 16:00

eThekwini - Isiqalile inqubo yasePhalamende lapho uMengameli uJacob Zuma ephendula imibuzo nokuyinqubo yokugcina kulo nyaka lapho umengameli ephendula imibuzo yamalungu esiShayamthetho.

Kulokhu umbuzo wokuqala ubuzwe wumholi weqembu eliphikisayo uMmusi Maimane lapho ebuza khona ngencwadi ebhaliwe ngezinsolo zokuthi uMengamali wayekhokhelwa isamba sika-R1 million nyangazonke ziphuma kusomabhizinisi othile kulandela ukuthi amphendlela indlela yokuthola amathenda.

UMengameli udlule ngokushesha kulo mbuzo wathi “akacabangi ukuthi umsebenzi wakhe ungukuphendula izincwadi.”

Lokhu kususe omkhulu umsindo ePhalamende, kanti esephendula umbuzo oncike kulowo, uMengameli uthi kuningi okubhalwa ngaye emaphepheni, ezincwadini, emisakazweni ngisho nakomabonakude kodwa akusho lokhu ukuthi kumele akunake.

OLUNYE UDABA:Umengameli Zuma usephinde wagadla futhi kuMaimane

“Ziningi izinto ezibhalwa ngami nsukuzonke, engingakuqagula kuphela wukuthi abakhululekile ngami ngoba ngingumholi weqembu elibusayo futhi elabusa njengoba labusa kusukela kuphela uhulumeni wobandlululo,” kusho yena.

Uthe esebuya ngomunye umbuzo uMaimane uthe yebo ziningi izinkinga zakwa-Sassa ezenziwa wuNgqongqoshe uBathabile Dlamini akuzona izinkinga ezafika nongxiwankulu kodwa zifike noZuma ngqo, kungani engamkhiphi uDlamini uma eshintsha ikhabinethi lakhe?

Usukume waphinda wagadla uZuma ubuze uMaimane ukuthi kungani evikela umbuso wongxiwankulu ngoba naye ungumphumela wawo.

Lokhu kususe omkhulu umsindo ephalamende kuthiwa uMengameli akafuni ukuphendula umbuzo.

Eqhubeka nenkulumo yakhe uMengameli uthe: "Uma ungahlali phezu kodaba nami ngizoqala ngibeke izaba njengawe. UBathabile Dlamini umatasa nomsebenzi wokulungisa izinkinga azithola ngenxa yobunzima esibuya kubo bobadlululo.

"Inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi uDlamini akayixazulule le nkinga, uma ngimkhipha ngithi akayephi ngoba kumele abhekane nale nkinga?"


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.