BUKA: Kusize omakhelwane kusha umuzi kukhona abantu ngaphakathi

2017-09-06 19:30

Birchleigh - Ikhaya lomndeni wakwaWood elisemgwaqeni uCuyler, eBirchleigh, eKurhuleni lokheleke ngomlilo ngoLwesithathu emini.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iKempton Express bekunabantu abathathu endlini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

OLUNYE UDABA:Kulimale kabi owesilisa ohlala emgwaqeni kothiwa umlilo

Kusize omakhelwene okuyibona ababize abezimo eziphuthumayo nabezicishamlilo ngensikhathi bebona kushunqa intuthu kulo muzi.

Inkampani yonogada i-SSS Security inconywe kakhulu ngokufika kwayo ngokuphazima kweso ukuzocisha umlilo.

Okwamanje ayicaci imbangela yalo mlilo.

Kwesinye isigameko, amaphoyisa athungatha amadoda amabili asolwa ngokubulala abesifazane abathathu endaweni eyodwa, kuCentane, e-Eastern Cape.

Lezi zigameko zenzeke eKwetsha ngoLwesibili ebusuku.

Amaphoyisa athi amabhungu amabili abalekile endaweni yesigameko ngemuva kokubona oshayasibhamu bedubula umama wabo.

Abasolwa babe sebedlulela komunye umuzi okhona endaweni badubula abanye abantu ababili besifazane.

Izingane ezimbili, ezineminyaka eyisithupha ubudala, zikwazile ukuphuma ngesamagundane zahlaba umkhosi emphakathini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.