BUKA: Okwenzeke esitelekeni sabashayeli bamatekisi

2017-08-16 19:36

Durban - Abashayeli bamatekisi eMamelodi bamashele emzini weMeya yaseTshwane, uSolly Msimanga, behambisa uhlu lwezikhalazo.

Ngokusho kwabo, laba bashayeli bathi bayahluleka ukuvuselela izincwadi zokushayela kanye namalayisensi ezimoto ngenxa yamathikithi abawatholayo, ukuboshwa kwabashayeli abangawakhokheli la mathikithi kanye nenkohlakalo njengoba bethi bayagwaziswa.

Kube nokuphazamiseka kokusebenza emigwaqeni yaleli dolobha njengoba la bashayeli bebeshaya ngonyawo lonwabu bebheke emzini weMeya.

OLUNYE UDABA:Asezobuyela emgwaqeni amatekisi amiswa eSoweto

Laba bashayeli bathi sebezame konke okusemandleni abo ukuzwakalisa izikhalazo zabo kodwa akukho okuphumelelayo.

Incwadi yezikhalazo yamukwelwe wuNgqongqoshe wezeMigwaqo nezokuThutha kuMasipala waseTshwane uSheila Senkubuge.

Amaphoyisa omgwaqo kuleli dolobha axwayise abashayeli bezimoto ukuba babekezele emgwaqeni futhi bagweme ukungena edolobheni njengoba kunesiminyaminya.

BUKA OKWENZEKILE:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.