BUKA: Oshayasibhamu abagqoke umfwaniswano wamaphoyisa begasela esiteshini samaphoyisa

2018-05-02 18:00

Buenos Aires - Oshayasibhamu abebegqoke umfaniswano wamaphoyisa bagasele esiteshini samaphoyisa e-Argentina ngoMsombuluko bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, kwalimala elilodwa kanzima.

I-video yesigameko itshengisa izigilamkhuba zingena esiteshini samaphoyisa iSan Justo zafica amaphoyisa enganakile.

Amaphoyisa abe esecasha ngamatafula ngaphambi kokuziphindiselela kula madoda.

Oshayasibhamu babe sebebaleka endaweni yesigameko.

Kudubuleke iphoyisa elilodwa esiswini nasengalweni ngesikhathi sesigameko. Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela i-Isidro Casanova's Paroissien lapho elixilongwa khona.

Nakuba kungakacaci ukuthi yini eholele kulesi sigameko, ngokusho kwabezindaba iPerfil kuthiwa lezi zigebengu kungenzeka ukuthi bezizama ukukhipha abantu ababoshwe kulesi siteshi samaphoyisa.

 - Ivideo:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.