BUKA: Sekusabalale i-video etshengisa uthisha eshaya umfundi

2017-09-11 17:59

Durban – Sekusabalale i-video etshengisa kushaywa ngesihluku abafundi besifazane ababili kulesi sigameko okusolwa kuso uthisha waKwaZulu-Natal.

Le video isabalale ezinkundleni zokuxhumana kanti abaningi bagxeka uthisha ngokusebenzisa isihluku.

Kuyona le video kubonakala uthisha ogqoke ijakhethi ebomvu eshaya umfundi okubonakalayo ukuthi uyakhala.

Ngemuva kwalokho ube esephendukela komunye umfundi. Lo mfundi kubukeka sengathi uzama ukubaleka ekilasini ngokuthi aphume ngomnyango ngaphambi kokuba uthisha amgxavune ambuyisele ngaphakathi ekilasini.

Kube sekuyaphushwana kubangwa umnyango njengoba lo mfundi eqhubeka nokuzama ukuthola intuba yokubaleka.

Lo thisha wesilisa ube esedonsa kabi lo mfundi aze kukhumuke ijezi, lo mfundi ube esesho ngengila.

Yilapho-ke lo thisha ecasuka khona bese ebhula lo mfundi ngenduku esebenzisa isihluku, lo mfundi uyezwakala ememeza ekhala. Abanye abafundi bayezwakala ngemuva behleka.

Kube sekuvela omunye umuntu wesifazane osekhulile emnyango, okukholakala ukuthi naye unguthisha kulesi sikole, abuze ukuthi kwenzakalani.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uKwazi Mthethwa, uthe uMnyango uyazi ngale video, kepha ubungakatholi ukuthi ngesiphi lesi sikole.

“Sinxusa abantu ukuba basihlinzeke ngemininingwane abangase babe nayo mayelana nalesi sigameko ukuze kuzotholakala isikole. Siyalugxeka kakhulu udlame, alwamukelekile kanti sizothatha izinyathelo.”

Zibonele i-video ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.