BUKA: Sisuse umsindo isikhangiso semoto ‘esifanise abesifazane nezimoto ezingamasekeni’

2017-07-21 09:33

China – Izifake kolukhulu ubishi inkampani yezimoto zikanokusho edume umhlaba wonke, i-Audi, ngesikhangiso sayo ‘esifanise abesifazane nezimoto ezingamasekeni’, kubika iW24.

Kulesi sikhangiso kusuke kuboshwa ifindo likasofasilahlane phakathi kwamakoti kanye nomkhwenyana. Kodwa-ke umama womkhwenyana (umamezala) ubonakala sengathi akayizwa kahle eyokuhlanganiswa kwalaba bobabili nguMfundisi kuze kuba 'uhlolisisa' umakoti, nokuyinto ayenze kubuka ezethameli emshadweni. Ubonakala epitshiza ikhala likamakoti, amdonse ngesihluku indlebe kanye nodebe ngaphambi kokuba adonswe ngumkhwenyana eduze kukamakoti. Ngemuva kwalokho ube esebonakala ebanika ‘izibusiso’ ukuthi bangashada, nokuyilapho lezi zithandani zibonakala ziphefumulela phezulu okwabantu asebedlule otakwini.

OLUNYE UDABA: Asabisa ngokunqamula umshwalense amakhasimende acikwe yisikhango ‘esicwasayo’

Kuthe kusenjalo umamezala wabona amabele kamakoti nokuholele ekutheni umakoti awafihle ngokushesha  ngezandla ebonakala ukuthi ushaywa amahloni.

Lesi sikhangiso sibe sesinqamuka lapho bese kuvela i-video yemoto yohlobo lwe-Audi nehambisana nomyalezo othi: “Isinqumo esibalulekile kumele senziwe ngokucophelela”.

Lesi sikhangiso sisuse omkhulu umsindo eChina, ngokwemibiko eyehlukene.  Ngokombiko weBBC, abantu bebelokhu bechaza lesi sikhangiso “njengesinyanyisayo” futhi “esibi kakhulu” baphinde bafunga bagomela ukuthi abasoze bayithenga i-Audi.

UJanine Van der Post, weWheels24, utshele iW24 ukuthi lesi sikhangiso asinambithisiseki futhi bekungafanele sigunyazwe nokugunyazwa ukuthi sidlale emoyeni.

Khonamanjalo, le nkampani eyakha izimoto yaseGermany igcine ixolisile ngalesi sikhangiso, ngokombiko we-USA Today.

Zibonele lesi sikhangiso esisuse umsindo ngezansi: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.