BUKA: Ubumayemaye ibhilidi lisha ubuhanguhangu kunabantu phakathi

2017-06-14 09:32

London – Umlilo omkhulu ushise ibhilidi elinezitezi ezingu-27 lasha langqongqa enhlokodolobha yaseNgilandi, iLondon, ngoLwesithathu, kwavaleleka abahlali phakathi ngesikhathi abezicimamlilo abangu-200 bematasa nokubhula umlilo.

Abazibonele ngawabo bathi bazizwele ngokwabo abantu abebekhala ubumayemaye besezitezi eziphezulu zebhilidi njengoba umlilo ubusunyuka ngamandla kanti omunye umhlali ubefuna ukusizwa ubonakale eshwiba indwangu emhlophe.

Amaphoyisa kanye nabezicimamlilo bazame ukutakula abantu abebevaleleke kuleli bhilidi elakhiwe ngokhonkolo nalapho bethi “inqwaba yabantu ilashelwa ukulimala okuhlukene”, okubalwa kubona okungenani ababili abalashelwa ukuhilwa yintuthu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abagibeli abathukuthele bashise izitimela, batapa ezitolo

Imindeni ebithukile endaweni yesigameko izame ukufonela abathandiweyo bayo abebevaleleke ngaphakathi nalapho iyalelwe amaphoyisa endaweni yokudlela eseduzane nalapho abanye babantu abalimele bebelashelwa khona.

Ithimba lezicishamlilo lithi angu-40 amaloli anezinjini zokucima umlilo kanye nabacimimlilo abangu-200 ababiziwe ukuzobhula iGrenfell Tower, nenama-flats angu-120.

“Umlilo usukela esitezi sesibili kuya esitezi esiphezulu sebhilidi elinezitezi ezingu-27,” abezicimamlilo basho kanjalo kuTwitter.

Abezicimamlilo abebesendaweni yesigameko bathi bakwazile ukutakula abahlali baze bafika esitezi sesi-11.

Zibonele eminye yemifanekiso yaleli bhilidi ebelisha ubuhanguhangu ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.