BUKA: UCassper Nyovest uthi wayenenkinga yokubhangqa izintombi

2017-08-16 17:59

Johannesburg – Ekhuluma nomethuli wezinhlelo zomsakazo waseMelika ohlelweni iThe Breakfast Club, umrepha wakuleli ongaconsi phansi, uCassper Nyovest, ukhulume kabanzi ngemboni yomculo yakuleli kanye nobudlelwano bakhe nalowo owayeyisinqandamathe sakhe, uBoity Thulo. 

Ngemuva kokuhlela ukuvakashela kulolu hlelo nomunye wabethuli balo, uCharlamagne, esebenzisa iTwitter emasontweni ambalwa edlule, uCassper uvakashe kulolu hlelo ngesikhathi ehambele eNew York City eyonandisa.

UCassper ubenokukhulu ukuzethemba kule ngxoxo. Ngesikhathi ebuzwa ukuthi yimuphi umrepha waseMelika angaqhathanisa impumelelo yakhe naye e-Afrika, uCassper uphendule ngokuthi, “Ubani umrepha omkhulu kunabo bonke eMelika?,” engeza ngokuthi, “igama lokuqala eliqhamukayo, ngiyilowo ke.”

Lo mrepha uphinde wakhuluma nangezinye zezinselelo ezibhekene nabaculi bakuleli nalapho ethe kwi-hip-hop sekusebenza imali.

“Manje konke sekungemali. Akusekho ngokuthi ubani osezingeni eliphezulu kakhulu, ubani oveza amarekhodi aphezulu. Kumayelana nokuthi ubani okwazi ukunikeza umsakazo imali eningi. Futhi bathenga ama-awards, kushubile.”

OLUNYE UDABA: Unkosikazi kaMengameli uxoxe ngokuthi uZuma wamshela kanjani

Yize noma enqabile ukukhuluma ngokungahoshelani kwakhe nomunye umculi wakuleli, kodwa uCassper akazange alokhu eshona le nale ngesikhathi ebuzwa ngobudlelwane bakhe nosaziwayo wakuleli, uBoity Thulo. Lo mrepha ukhulume ngengoma yakhe esihloko sithi-I Wasn’t Ready For You.

Ngokusho kwalo mculi, uBoity waze wathola ukuthi wayemjolela ngesikhathi esezwa le ngoma. “Wakuzwa ngesikhathi kuphuma i-albhamu wathi, ‘angikaze ngazi ukuthi uyangijolela.’”

UCassper uthi uthemba ukuthi isoka elisha likaBoity lizomphatha kahle ngoba uyintombazane elungile futhi naye umuntu ayengamshada ukuba wayesekulungele ukuthatha unkosikazi ngaleso sikhathi.

Kodwa-ke noma kunjalo uCassper uthi yena uwumuntu olungile. “Ukuthi nje nganginenkinga yokubhangqa ngesikhathi ngisakhula. Kodwa sengiyekile manje”

Zibukele ingxoxo ephelele lapha ngezansi: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.