BUKA: Ujame imizuzu emine umfundi wezindaba kubhimba izinhlelo esiteshini

2017-06-23 11:00

Cape Town – Izinxushunxhushu ezimayelana nezinkinga zobuchwepheshe esiteshini sikamabonakude esisakazela umhlaba wonke, iBBC News, zishiye lesi siteshi singenazo izindaba nababukeli baso basala bejamele umfundi wezindaba, uHuw Edwards, obelokhu ethule ethe du isikhathi esingaphezu kwemizuzu emine ngemuva kwetafula okufundwa kulo izindaba eLondon.

Ngale kwesiteshi esisakaza izindaba ubusuku nemini iBBC World News (DStv 400 / StarSat 256) nesitholakala eNingizimu Afrika kanye nasemhlabeni wonke, iBBC News iphinde ibe nesinye isiteshi sezindaba esisakaza ubusuku nemini nokuyisona lesi esibe nobuhixihixi ngoLwesibili ebusuku nalapho kube khona nokuthula imizuzu nokuyinto ethele lesi siteshi ngehlazo.

OLUNYE UDABA: Uyakhula umkhankaso wokuvalwa kwe-ANN7 yamaGupta kuDStv

Ngo-22:00 ngoLwesibili ebusuku, ababukeli bazithole sebejamele umabonakude ozithulele nje njengoba no-Edwards evele wazihlalela ngokuthula ngemuva kwetafula okufundwa kulo izindaba.

Ngemuva kwemizuzu emine iBBC igcine ikwazile ukulungisa ubuhixihixi nalapho u-Edwards ebe esexolisa ngomoya ophansi kubabukeli “ngezinkinga ezimbalwa zezobuchwepheshe”.

Ekuhambeni kwesikhathi ngesikhathi esenengxoxo nomsakazo uthe “akukaze kwenzeke ngaphambilini. Kungakhathalekile ukuthi unesipiliyoni kangakanani, futhi sengithule izinhlelo iminyaka engu-25, kuyisimo esingajwayelekile kakhulu.”

I-BBC ithi ubuchwepheshe bayo buvele bajama nokudingeke ukuthi bashintshele kobunye ubuchwepheshe ababusebenzisa uma benenkinga.

Zibonele lesi sigameko esingajwayelekile ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.