BUKA: UManana enika amantombazane ama-pads

2017-09-27 16:00

Johannesburg - OwayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, kubonakala sengathi wenza konke okusemandleni akhe ukubuyisa isithunzi sakhe kulandela ukusula esikhundleni sakhe ngenyanga edlule.

UManana, osayilungu le-ANC ePhalamende, wesule esikhundleni sakhe kulandela ukubhekana necala lokuhlasela abantu besifazane ababili ekilabhini, iCubana Lounge, eFourways.

Isigameko senzeke ngemuva kwengxabano eyayiphakathi kukaManana noMandisa Duma. UDuma kusolwa ukuthi wabiza uManana ngesitabane okuyikho okwacasula uManana.

OLUNYE UDABA:Siyakwamukela ukusula kukaManana kodwa icala kumele liqhubeke

Ingxoxo eqoshiwe, lapho uManana ezwakala kuyo evuma isigameko, etshela umfowabo wesisulu ukuthi wasishaya ngempama. 

Kubonakala sengathi uManana unomlando wokushaya abantu besifazane ngemuva kokuvela komunye wesifazane othi wamshaya ekilabhini ese-Ermelo. Laba bobabili bavulelana amacala kodwa abuye ahoxiswa, kuqinisekisa amaphoyisa.

Leli lungu lePhalamende linenhlangano enikezela amantombazane esikole ngemisubel (pads).

Le nhlangano isebenzisana neMia Sanitary Towels, ivakashele isikole iWalter Cingo Secondary eFlagstaff, e-Eastern Cape, ihambise imisubelo neminye imikhiqizo.

Bathe inhloso yalokhu, ukunciphisa ukulova kwamantombazane esikoleni uma esesikhathini kanye nokubuyisela isithunzi sawo.

 - Ivideo:

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.