BUKA: UMboro ekhulekela izithandani, ethi azithintane izitho zangasese

2017-09-15 19:29

Johannesburg - Iningi lisale limangele ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwe-video yomholi webandla i-Incredible Happenings Ministry uPaseka "Mboro" Motsoeneng ekhulekela izithandani.

Kule video uMboro ubonakala ehlezi kusofa nalezi zithandani okungenzeka ukuthi zinezinkinga zasekamelweni, njengoba lo mphrofethi egxile kuzo.

Kwi-video, uxoxa ngodaba lomuntu othize - owathi ngesikhathi bonke abantu behlabelela ingoma yokholo ethi Avulekile Amasango enkundleni yezemidlalo - eyna wacula elithi Mbobo vuleka, ecabanga unkosikazi wakhe.

Kule video kubonakala lezi zithandani zithintana ezithweni zangasese, zilalele uMboro.

 - IVIDEO1:

Kwi-video yesibili lo mphrofethi wenza lezi zithandani ukuthi ziqabulane ngesikhathi yena ezikhulekela. Ngemuva kwemizuzwana, owesilisa ubonakala ehlehla, ehleka, kodwa uMboro amtshele ukuthi akayeke ukuhleka agxile kulokhu akwenzayo.

Utshela owesilisa ukuthi umnikeza ithuba lokuqabula njengoba ingekho enye indawo azothola kuyo "ukuphuza amanzi ewolintshi".

 - IVIDEO2:

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.