BUKA: Umculi omusha 'ozomisa kabi uBabes eThekwini'

2017-09-05 15:59

Durban - Ubashiye befuna impinda uTipcee emcimbini weDubane Spring Break  obubanjelw eShaka Marine World ngoMgqibelo.

Abantu bebephume ngibuningi babo ukuzojuxuza kwamukelwa intwasahlobo ngalo mcimbi waminyaka yonke owenziwa yisitebele somculo i-Afrotainment.

UTipcee, okungumculi omusha wesifazane ongaphans kwe-Afrotainment, ujabulise izinkumbi zabantu ebezihambele lo mcimbi.

Le ntokazi ingene esteji ihambisana noDJ Tira kanye neDistruction Boyz. Bashaye ingoma ethi Mina ngiyiscatholo, ayenze ngokubambisana noBusiswa.

OLUNYE UDABA:UBabes Wodumo usolwa ngokweba iculo- Gandaganda

Kungene iDisctruction Boyz kwachwaza abantu bebathela ngamanzi njengoba bebebuka umcimbi besemanzini phakathi. Laba bashaye izingoma abadume ngazo, okuyi-Shutup and groove kanye nabayicula noTipcee esihloko sithi Hhayi boh.

UTipcee uke wakucacisa ngaphambilini lapho khona waba nengxoxo nabeZindaba24 ukuthi yena isitayela sakhe sihlukile kakhulu kubaculi besifazane abakhona kuleli.

“Mina kungcono ungifanise no-DJ Tira noma uMampintsha noma nabanye abaculi besilisa ngoba nephimbo lami lehluke kakhulu, uyashesha ukuzwa ukuthi yile ntombazane yase-Afro” kusho uTipcee ngokukhulu ukuzethemba.

Lo mcimbi ubuxhaswe yi-MTVBase kanye neChannel O. Phakathi kwabebenandisa kuwo kubalwa u-AKA ,DJ-Tira, Busiswa kanye nabanye.

Zibonele le ntokazi lapha ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.