Buka: 'Umzali' eshaya iphoyisa ngasesikoleni

2016-08-17 16:01

Johannesburg - Iphoyisa lomgwaqo lithole isibhaxe endodeni okuzwakale ukuthi ingumzali, ngaphandle kwesikole iDunnotter Primary eNigel, kusho i-EMPD ngoLwesithathu.

Yize kunjalo ngesikhathi abezindaba iNews24 bethinta abesikole, unobhala akakwazanga ukuphawula ngodaba wathi ucela ukuba bakhulume nothishanhloko ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa ngaKwaDukuza

Okhulumela abe-EMPD, uClifford Shogwe, uthe iphoyisa libone umshayeli obepake ecaleni lomgwaqo okungapakwa kulo.

"Iphoyisa libe selizama ukuchazela umshayeli ukuthi upake endaweni okungapakwa kuyo. Ngesikhathi esekhipha ithikithi, lo mshayeli ube esemshaya," kusho uShogwe.

UShogwe uthe uChief Superintendent JL Mbele uthukile kanti futhi uyalulama kulandela ukuhlaselwa ngoMsombuluko.

Ngokusho kombiko weCrime Air Network osenkundleni yezokuxhumana iTwitter, le ndoda ingumzali wengane yakulesi sikole.

Kule vidoe le ndoda ibonakala idushela phansi lelo phoyisa, elihudula phansi abazali nabanye abafundi behshaya ihlombe.

Umsolwa ube eseboshwa ngemuva kwesigameko.

IVIDEO: 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.