BUKA: Usaziwayo uthi ubefuna ukuqeda unyaka enganandoda

2017-05-24 15:59

Cape Town – Intokazi yaphesheya engumculi weHip hop, uNicki Minaj, isigcine iphumele obala ngamahlebezi okuthi ithandana nomrepha ophinde abe ngumlingisi kanye nosomabhizinisi waseMelika, uNas.

Le ntokazi ibiyisimenywa ohlelweni lwezingxoxo olwethulwa ngumethuli wezinhlelo ohlonishwayo uEllen DeGeneres.

Ngaphambilini uNicki noNas bafaka ku-Instagram isithombe behleli sakuncikana kwenye yezindawo zokudlela iSweet Chick Life, eLA. Lokhu kwenza ukuthi iningi labantu licabange ukuthi laba bayajola.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNicki wahlukana nomunye umrepha owayeyisoka lakhe, uMeek Mills, ngaphambilini kulo nyaka, ngemuva kokuthandana iminyaka emibili.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: UDrake uphule irekhodi lika-Adele ewola izindondo ezingu-13

U-Ellen ube esebuza uNicki ngokuveza ibele lakhe emcimbini weParis Fashion Week, nokuyilapho ebe esemupintshela khona ekhoneni ngobudlelwano bakhe noNas.

Lo mrepha wodumo lwengoma i-Anaconda uhluleke ngisho nawukuzibamba echaza ngokuthi umthanda kanjani uNas, wathi: “UyiNkosi yeziNdlovukazi futhi ngingathanda ukucabanga ukuthi ngiyiNdlovukazi yeziNdlovukazi… futhi kahle uyinkakha ye-rap ngakho asivele sithi nginenhlonipho eningi yakhe, kanti unakho ukuba muhle futhi.”

U-Ellen ube esebuza le ntokazi ukuthi sebeke balala yini ndawonye nalapho uNicki engazange elokhu egigiyela, wathi sebeke balala ndawonye, wathi kodwa abakaze balwenze ucansi.

“Ngisazipholele njengamanje. Ngimile ebudlelwaneni bothando nocansi. Bengifuna ukuqeda unyaka ngingajoli nandoda, ngiyawazonda amadoda. Kodwa ngingase ngikubeke eceleni kuyena, ngoba unzima kakhulu.”

Zibukele le ngxoxo ngezansi kanye nalesi sithombe salaba bobabili

Only KINGS recognize QUEENS. @sweetchicklife has the best food ?? congrats @nas ??

A post shared by Nicki Minaj (@nickiminaj) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.