BUKA: Uthisha egxavuma umfundi kubuka abanye

2017-07-31 18:00

Johannesburg - I-video etshengisa uthisha esikoleni samabanga aphazelu eKrugersdorp, eMogale City, ebamba ngendluzula umfundi ngoLwesihlanu isabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video, lo thisha ubonakala ebamba umfundi ngehembe emdonsela kuye, abanye abafundi belandela ngemuva.

Ngokusho kozibonele kwenzeka lesi sigameko, okhulume neDaily Sun, lo thisha usole lo mfana "ngokufihla okuthile okungekho emthethweni" esikhwambeni sakhe.

Kubonakala sengathi uzame ukuphuca lo mfana isikhwama. "Yingaleso sikhathi-ke amubambe khona ngendluzula," usho njalo etshela leli phephandaba.

USteve Mabona okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng utshele abephephandaba ukuthi uMnyango uyazi nge-video futhi usuqalile ukuxhumana nabaphathi besikole.

 - IVIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.