BUKA: UZodwa Wabantu uthi abantu mabahlukane nokuthi mubi

2018-03-23 08:38

Johannesburg - Indlovukazi yomdanso uZodwa Wabantu, oseke watshelwa ukuthi mubi izikhawu eziningi  uthi useze wajwayela ukutshelwa lokho.

Lesi sihlabani sezobumnandi sitshele iTimseLive ukuthi nakuba singenandaba nokuthi abantu bathini ngaso, nokho sikhathazekile ngomyalezo odluliselwa ezinganeni zamantombazane nezabafana okufanele zidlule kule simo asedlule kuso.

"Akusikho ukuthi ngibuhlungu, sengize ngajwayela. Ngisho nakudala ngingakadumi ngangitshelwa ukuthi ngimubi kodwa lokho akusho ukuthi yinto elungile.

OLUNYE UDABA:BUKA: UZodwa Wabantu ebhukuda enqunu

"Ngiqine ngokwanele, ngakho ngiyakwazi ukubhekana nalesi simo, kodwa ngiyazi ukuthi kunenqwaba yezingane zamantombazane nezabafana ezitshelwa lokhu nsuku zonke.

"Abantu bafuna lezi zingane zigcine sezikholwa ukuthi zimbi ngempela futhi lokho akukuhle," esho.

UZodwa ufake i-video enkundleni yezokuxhumana i-Instagram izolo ecela abantu ukuthi bayeke ukumtshela ukuthi mubi.

"Lalelani, musani ukubhala ukuthi ngimubi okungcono ithi aningithandi, yabo! Ngiyakuzwa uma uthi awungithandi kunokuthi ungitshele ukuthi ngimubi. Angeke ngikwazi ukubushintsha ubuso bami, ngenzenjani? Ngibudayise? Ngibudayisele bani? Ngoba nonke anibufuni. Ubuso bami, obami," kusho uZodwa kwi-video.

 - Ivideo:

 - Dailysun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.