BUKA: UZuma uzifikele ngokwakhe ePhalamende ngaphambi kwevoti ‘lokumketula’

2017-08-08 12:35

Cape Town UMengemeli Jacob Zuma uzifikele ngokwakhe emhlanganweni wekhokhasi ye-ANC ePhalamende ngoLwesibili ekuseni ngaphambi kokuba kube nevoti lokungamethembi.

UZuma, nobephahlwe ngonogada, usebenzise enye indawo yokungena ePhalamende elidala nalapho amaLungu ePhalamende alinganiselwa ku-249 ebezohlanganela khona ukubhunga ngale siphakamiso.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN ayinavalo ngokuthi angase agudluzwe uZuma - Zikalala

Isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Zuma kuzovotwa ngaso ngevoti eliyimfihlo ngoLwesibili ntambama. Inkulumompikiswano ngalesi siphakamiso izoqala ngo-14:00.

UZuma ungene ngomyango ofanayo nalo angena ngawo ngesikhathi eze emhlanganweni wekhokhasi ye-ANC ngaphambi kokuba kube nesiphakamiso sokungamethembi ngoNovemba.

Kulokho okungase kubonakale njengokukhombisa ukubumbana, bobabili uZuma kanye noNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, bebehambele lo mhlangano wangoLwesibili. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.