BUKA:Ngicela ningikhiphe, kusho owesimame ogcine eshonile kweyaseMpangeni

2016-11-15 16:01

Durban - Umshayeli webhasi elibandakanyeke kwingozi yetekisi eyenzeke kumgwaqo okhulu eMpangeni ulandisa ngokwenzekile.

UNkosinathi Dlamini, 55, waseMthunzini uthi njalo uma evala amehlo kubuya isithombe sowesimame obekhala etekisini ethi ucela ukukhishwa.

Lo mama ubengomunye wabayisithupha abagcine beshonile kule ngozi.

"Ngicela ningikhiphe etekisini, ngicela ningikhiphe etekisini,"kukhumbula lo mshayeli ngokukhala kwalo mama.

Lo mshayeli uthi kuphele cishe imizuzu engu-45 elalele lomama ekhala ingekho indlela yokumsiza kanti nabosizo lokuqala bebengafiki.

Leli tekisi liqhamuke kungalindele muntu:

“Ibizama ukudlula imoto encane ebhenini kodwa yahluleka ukubuyela emzileni wayo yaqonda ngqo ebhasini.

UDlamini uthi ubone itekisi liza kuyena wavele wamisa ibhasi kodwa lokho okusizanga ngalutho.

"Ngibone ukuthi lelitekisi lingene lagamanxa ebhasini. Umshayeli kanye nomunye wabagibeli abebephambili bashonele khona lapho abanye ababili abebehleli emuva komshayeli nabo bashonele lapho.

"Bekunosewimame osemncane obesaphila kodwa ubelokhu ekhale njalo efuna usizo. Ubevaleleke etekisini kunzima ukumsiza kodwa sahluleka.

Abosizo lokuqala bafike kule ndawo sekuphele ihora kodwa lo wesimame ubeseshonile.

"Angikaze ngibone into efana nalena empilweni yami, abantu bavele baphenduka izingcezu phambi kwamehlo ami."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.