Cishe angu-41 amadoda 'aboshelwe izenzo zobutabane' eNigeria

2017-07-31 19:30

Lagos – Kuboshwe okungenani amadoda angu-41 asolwa ngokufihla izenzo zobutabane ehhotela eliseNigeria ngempelasonto, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Ngokusho kweFellow Press, abasolwa baqoqwe ngoMgqibelo besehhotela iWeigh Bridge, e-Owode Onirin, ngaseLagos State.

Okhulumela amaphoyisa u-Olarinde Famous-Cole ukuqinisekisile ukuboshwa kwala madoda, enanela ngokuthi abasolwa bazovela enkantolo kungekudala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Ephreli kwaboshwa izinsizwa ezingu-53 enyakatho-ntshonalanga yezwe, edolobheni iZaria, zihambele umshado wezitabane.

Laba baboshwa babekwa icala lokuzibandakanya ezenzweni zobutabane.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe ibandla elikhulekela izitabane

Zabakhalela behambele umshado wamadoda amabili ayeshada.

Ubutabane buyicala elibomvu eNigeria, lokhu kulandela umthetho wango-2013 lapho izazi zomthetho kuleliya lizwe zachitha umshado wabantu bobulili obufanayo, kwaphakanyiswa ukuthi kulwiswanwe namalungelo abantu abayizitabane.

Ukuqiniswa komthetho kuhlanganisa ukuvalwa kokuthandana esidlangalaleni kwezitabane.

AbeHouse of Representatives bavota baguqula umthetho, kwanqunywa ukuthi bagwetshwe iminyaka noma engu-14 abantu abayotholakala bephule umthetho wokuganana kwabantu bobulili obufanayo.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.