#CrimeStats: Ngeke sizincenge izigebengu - Mbalula

2017-10-24 12:30

Cape Town – UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula "akayizwa kahle" eyokwehla ngo-1.8% kwezinga lobugebengu kunyakamali ka-2016/17, wabe esexwayisa izigebengu ezinodlame ukuba "zizovuna ezikutshalile".

"Ubugebengu bubonke behlile, kepha uma usubuka izibalo ngeso elijulile, kuyacaca ukuthi sinenkinga enkulu esibhekene nayo, njengokuthi nje lenyukile izinga lobugebengu obuhambisana nodlame," kusho uMbalula ngesikhathi ethula izibalo ngaphambi kwekomidi lamaphoyisa ngoLwesibili ekuseni.

"Yebo, izinga lobugebengu lehle ngo-1.8%, kepha angiyizwa kahle leyo njengoba nomphakathi ungayizwa nje, futhi kawunalo iphutha ngokuzizwa ngale ndlela.

"Ehlile amacala okunukubeza ngokocansi, kepha ziyenyuka izibalo zabantu besifazane abadukayo. Abantu kumele bazizwele ukwehla kwezinga lobugebengu emazingeni aphansi, lapho behlala khona."

OLUNYE UDABA: Bekubulawa abangaphezulu kuka-50 ngelanga kuleli - Izibalo

UMbalula uthe abantu baseNingizimu Afrika kumele bazibuze ukuthi ngabe sebekwamukele yini ukuphila nezigelekeqe emiphakathini abahlala kuyo.

"Ngabe ubugebengu nabo bubalwa kanye nabantu abahlala kuleli? Impendulo yethu kumele kube ngu-cha," esho.

UMbalula uqhube ngokuthi akadlali uma ethi izigebengu ezisebenzisa udlame, kuzobhekanwa nazo ngendlela efanayo.

"Namhlanje ngithi ezigelekeqeni 'nilibambe lingashoni' - ngiyeza kinina, sekwanele manje."

UMbalula akazange akhulume ngezigebengu kuphela, kepha uphinde wazwakalisa ukuthi namaphoyisa nawo anawo amaphutha.

Ube esegxeka "ukuvilapha" kwamaphoyisa ekugwemeni ezinye izigameko zodlame.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.