Dear Thuli Madonsela: Awuseyena phela uMvikeli woMphakathi sisi

2016-11-15 14:33

Durban - Lowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, akehlukane phela noMengameli uJacob Zuma manje njengoba esephumile kuleli hhovisi.

UMadonsela, njengomuntu esimhloniphayo ngemisebenzi yakhe emihle ayenzele isizwe, akakuqonde phela ukuthi ihhovisi likaMvikeli woMphakathi seliphethwe omunye umuntu manje, uBusisiwe Mkhwebane.

Kuzokhumbuleka ukuthi uThuli Madonsela upotshozele abezindaba inkulumo yakhe noMengameli, yangesikhathi kuphenywa ngomthelela wobudlelwane bomndeni wakwaGupta noZuma kanye nezinye izikhulu ekuthathweni kwezinqumo ezithile kuhulumeni noma ezinkampanini zikahulumeni.

Uma uMadonsela uma ekholelwa ukuthi uZuma uqamba amanga ngokwenzeka esanguMvikeli woMphakathi, akaye enkantolo phela ammangalele ukuze kugezwe igama lakhe, hhayi ukutsheka abezindaba nobhululu bakhe.

Ngikholelwa ukuthi izinto zalapho owawusebenza khona awube usazisebenzise noma nje ngingathi uyehlukana nazo uma ungasasebenzi khona, owawukwenza lapho kusuke kungasewona umsebenzi wakho uma usuhambile.

Phela asikakhohlwa ukuthi ngesikhathi uMadonsela esanguMvikeli woMphakathi kunemibiko eyaputshuka kwagcina kungavelanga ukuthi iputshuzwe obani.

OLUNYE UDABA: Niyakuqabuka yini okwenzeka kwaShembe?

Ukuqhubeka kwakhe uMadonsela nokukhuluma ngoZuma kwabezindaba kuzokwenza siyingabaze imibiko yakhe emayelana noMengameli Zuma, ngoba phela kuzoba sengathi wayesebenza enenzondo ngoMengameli.

Omunye wabaphenyi bezinye zezinhlelo kumabonakude wake wathi inkinga eyenziwa abantu abangabaseshi noma amaphoyisa ukuthi uma bephenya benokuthile abakholelwa kukhona ngecala, bafuna ukwamukela kuphela ubufakazi obuhambisana nalokho abakholelwa kukhona, ngendlela yokuthi uma kuvela ubufakazi obehlukile babushaya indiva.

Angisho ukuthi kunjalo ngoMadonsela kodwa ngithi okwenzeka esanguMvikeli woMphakathi kumele kusale khona, baqhubeke nomsebenzi abasele khona.

Sisi Thuli sicela uma kukhona ongeneme ngakho, okushiwo uZuma, ungathathi ngenhliziyo kodwa enza izinto ngendlela ezokwenza siqhubeke nokukuhlonipha, hhayi indaba yokupotshezela abezindaba.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.