#Durbanstorm: UNgqongqoshe uhambele umndeni olahlekelwe ngamalungu amathathu

2017-10-13 14:01

Durban - UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uDes van Rooyen, uhambele umndeni olahlekelwe ngamalungu omndeni amathathu ngesikhathi kunesiphepho kulelio sonto.

UVan Rooyen usesifundazweni iKwaZulu-Natal uzomela uhulumeni kazwelonke ukuzohlola umonakalo kulandela ukuthi kuhlasele imvula enkulu ehambisana nomoya onamandla.

Kushone abantu abangu-11 ngenxa yezikhukhula nokudilika kwezakhiwo okudalwe yisimo sezulu ebesingesihle.

UVan Rooyen uthe izidumbu zezingane sezitholakele kodwa ukufunwa kukamama wazo kusaqhubeka.

OLUNYE UDABA:Sishiye kukhalwa isiphepho KwaZulu-Natal

"Sivakashele umndeni ukuzodlulisa amazwi enduduzo esiwaphathiswe ngumengameli."

Khonamanjalo, ukufunwa kwengane yaseMlazi, u-Okuhle Kweyama, emuke nezikhukhula ngosuku lwesishingishane, kuyaqhubeka.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, ngoLwesine umemezele ukuthi isifundazwe siyindawo yenhlekelele.

Kulindeleke ukuba kukhishwe izimali esikhwameni sikazwelonke ukuze zizosiza ekulungiseni umonakalo odalwe yilesi siphepho.

 - EWN


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.