Dear Mhleli,
Igama ngicela uligodle
Nginenkinga, ngingajabula uma ngase ungicebise wena kanye nabafundi bakho.
Umuntu engihlekisana naye ngimuthanda ekujuleni kwenhliziyo yami kodwa khona la engishoda khona.
Inkonzo yasekamelweni ayingigculisi neze ngiyesaba ukumazisa angifuni ukumuphoxa futhi ngesaba ukuthi ngizobukeka njengomayekade egudla.
Angifuni futhi ukumshiya, angufuni nokumphatha kabi aze azizwe eyindojeyane.
Ngisize ngenze njani.
Bamucebise kanje abafundi:
UNkosikhona Tudah Mbambo uthe: Cha mbekela ngesisoka ngyazi uyowesimame.Mtshele ukuthi ukudla ukudla okunongwa ngesinongo esisodwa njalo kwenza ukudla kungabi mnandi ngoba ulwimi selikujwaye.Inyama yenkukhu iyafana kepha into enza eyaseKFC/nadoos ihluke ibe mnandi ngokuhlukile izinongo (spices) azifani.
UZakheleni Mdluli uthe: Abantu abafani hlampe uma uchaza uzokulalela abone ukth awuneli ngempela musa ukuba yigwala ndoda yakho le. Ungayiqhathanisi neEX yakho.
USenzeni Mngomezulu uthe: Phumela obala ngoku nganeliseki kwakho,uma ehamba kusho kona ukuthi ulivaka kodwa uma eshintsha ukwenza kuhle.
UWilberforce Mbuthu uthe: Mtshele iqiniso liyakhulula ukuze azi ngoba phela uma umthanda impilo yakho ,koba nini into oyithandayo kodwa awuneliswa yiyo phumela obala cc ukusaba ngeke kukusize.
Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter