ElaseKZN ' lifuna' ukushwebisa iBucs ngomdlali

2017-09-15 12:29

Durban - Kufufusa ingxabano phakathi kwe-Orlando Pirates neMaritzburg United ngomgadli weTeam of Choice okuvela ukuthi ujikiswa endleleni ebheke kwezikaMagebhula.

ILANGA lihabule ukuthi u-Irvin ‘ Iron Duke’ Khoza ufake isicelo kuFarrok ‘Ntshebe’ Kadodia ophethe iTeam of Choice sokuthenga u-Evans Rusike ngo-R6 million.

La makilabhu azobhekana namhlanje ngoLwesihlanu kowe-Absa Premiership eHarry Gwala Stadium ngo-20:00.

Kwenzeka lokhu nje, uWillard Katsande oyinjini yeKaizer Chiefs usanda kutshela leli phephandaba ukuthi ubona uRusike engaba yisixazululo enkingeni yokufaka amagoli ebhekene neziMpofana.

ILANGA lithole ukuthi uKhoza ufuna uRusike azovala isikhala esivuleke kuhamba uTendai Ndoro obengumgadli wezakhe ojoyine i-Al Faisaly FM yaseSaudi Arabia.

IMaritzburg kuvele ukuthi ibizimisele ngokudedelela iBucs lo mdlali ngo-R6 million, nokho kuthiwa ingase ijike umqondo njengoba kunekilabhu yaseTurkey neyaseBelgium abeka u-R18 million.

Kuthiwa le mali iconsise amathe uKadodia kangangoba imenze wakhohlwa yiBucs wacabanga la makilabhu ase-Europe.

OLUNYE UDABA: IFifa izokhokhela iSafa ngomdlalo ozophindwa

Leli phephandaba lishayela uKadodia ngalolu daba, uthe: “Kangikaze nginqabe ukudayisa uRusike inkinga ekhona wukuthi la makilabhu okuthiwa makhulu afuna ukusixhaphaza asinike imali encane.

“Ngakha ikilabhu engifuna iwine inkomishi ngale sizini, iqede neligi isendaweni enhle, kangikwazi ukuvele ngidedele umdlali ngemali encane.

“Ngeke ngiwuthathe u-R2 million ngoRusike uma ngimdayisa ngingathatha u-R7 million kuya ku-R8 million hhayi okungaphansi kwalokho.

“Kodwa-ke ngingakuqinisekisa ukuthi kunamakilabhu amabili athinte mina ngqo ase-Europe afuna uRusike.

“Enye yawo eyaseTurkey bese kuthi enye kube ngeyaseBelgium. Athembisa imali enhle ongeke uyinqabe kwawena uma ungumnikazi wekilabhu engenabo abaxhasi. Kodwa-ke sizobona ngokuvulwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali ukuthi kwenzekani,”  kusho uKadodia.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.